Ngifuna ukugqama ngokwenza okuhle – Ngema-Zuma – News24

2014-06-09 10:12 Johannesburg – Unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uBongi Ngema-Zuma, uthi into emqoka kuye ukuthi athole ukugqama ngemisebenzi emihle ayenzela umphakathi. Uthi wakhetha ukuqala iBongi Ngema-Zuma Foundation ngo-2010,  ngemuva kancane kokuba ngunkosikazi kamengameli. “Esikhundleni sokuthi abantu bangilandele ngiya kwaStuttafords ukuyothenga amakha, ngifuna bangilandelele imisebenzi emihle engiyenzela umphakathi,” esho. UNgema-Zuma ubekhuluma eChris Hani Baragwanth Academic Hospital, eSoweto, nalapho ebevakashele khona uphiko lwesibhedlela oluhlala izingane ezinomdlavuza. Ube esenikela ngezinsiza ezithengwe ngo-R100 000 ophuma enkampanini yakhe. Kulokhu bekubalwa amakhompyutha, izingubo zokulala, amashidi namathoyizi.  – “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter – SAPA Health – Google News