Ngifuna ukugqama ngokwenza okuhle – Ngema-Zuma – News24

2014-06-09 10:12

Johannesburg – Unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uBongi Ngema-Zuma, uthi into emqoka kuye ukuthi athole ukugqama ngemisebenzi emihle ayenzela umphakathi.

Uthi wakhetha ukuqala iBongi Ngema-Zuma Foundation ngo-2010,  ngemuva kancane kokuba ngunkosikazi kamengameli.

“Esikhundleni sokuthi abantu bangilandele ngiya kwaStuttafords ukuyothenga amakha, ngifuna bangilandelele imisebenzi emihle engiyenzela umphakathi,” esho.

UNgema-Zuma ubekhuluma eChris Hani Baragwanth Academic Hospital, eSoweto, nalapho ebevakashele khona uphiko lwesibhedlela oluhlala izingane ezinomdlavuza.

Ube esenikela ngezinsiza ezithengwe ngo-R100 000 ophuma enkampanini yakhe.

Kulokhu bekubalwa amakhompyutha, izingubo zokulala, amashidi namathoyizi.

 – “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA


Health – Google News

Leave A Comment

Time limit is exhausted. Please reload the CAPTCHA.